Johannesburg – U-Eskom ukwazile ukuhlinzeka iNingizimu Afrika ngogesi izinsuku eziyishumi zilandelana ngaphandle kokuphazamiseka yize ugesi ungaphansi kwengcindezi, kusho le nkampani.
Iqhube ngokuthi isonto lika-17 kuya ku-23 Agasti yi-Eskom National Electricity Safety Week‚ okuhloswe ngalo ukufundisa umphakathi ngokusebenzisa ugesi ngokuqikelela nangendlela ephephile.
“U-Eskom uzobe unezimbizo kuleli lonke ukuzama ukuqwashisa abantu ngobungozi obuhambisana nokusebenzisa ugesi ngendlela engaphephile.
OLUNYE UDABA: U-Eskom usuqalile ukucima ugesi
“Njengo-Eskom siyazama ukugwema ukulimala kwabantu belinyazwa ugesi ngenxa yokuwuxhuma ngendlela engekho emthethweni,” kuqhuba isitatimende.
U-Eskom ube usubonga amakhasimende ngokubekezela uma ugesi uhamba, wathi uzoqhubeka nokuzama ukugwema ukucisha kukagesi.