Johannesburg - ICapitec Bank [JSE:CPI] yenze inzuzo ka-21% esikhathi
esiyizinyanga eziyisithupha.
Ibhange libike nokuthi inzuzo idalwe ukwenyuka kwesibalo samakhasimende, esinyuke ngo-16%, nokuyinto enyuse imali engeniswa amakhasimende ngo-34% yafinyelela ku-R1.2bn ezinyangeni eziyisithupha.
Funda nalolu daba: UMnyango ulahlekelwe u-R35bn.
Imali
engeniswa amakhasimende ngokusebenzisa ibhange isimi ku-41% manje, kanti u-59% owemali
engena ngokubolekisa izimali, enyuke ngo-5% ezinyangeni eziyisithupha.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.