Cape Town - Alinganiselwa ku-80% amabhizinisi amancane angaphumelile onyakeni wokuqala, kusho uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa kwamaBhizinisi aMancane uLindiwe Zulu ngoLwesibili.
Ingxenye yamabhizinisi amancane aphumelelayo onyakeni wokuqala ayaqhubeka nokusebenza kahle naseminyakeni emihlanu elandelayo, kusho uZulu enkulumeni yakhe ayethule engqungqutheleni iConsumer Goods Council of SA eMidrand.
Iningi losomabhizinisi abangaphumeleli abantu besifazane.
Funda nalolu daba: Bayanda abakhwabanisela i-RAF.
"Sinethemba lokuthi ngokubambisana, sizokwazi ukusiza ekuguquleni lesi simo,” kusho uNgqongqoshe.
Kuzobuyekezwa imithetho yosomabhizinisi abancane, bakwazi ukuvula izikweletu bathole nokwesekwa.
Kungumsebenzi kahulumeni ukusiza osomabhizinisi abancane, usho kanje.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.