Johannesburg - Inkampani ephakela leli ngogesi, u-Eskom, isimemezele ukuthi izoqala ukucima ugesi ngeSonto ngaphansi kukaStage 2 kusukela ngo-08:00 kuya ku-22:00 ngenxa yokuthi ugesi uyasindwa.
"Lokhu kungenxa yokushoda kukagesi ophehlwayo ngoba kuneziphehli ezakhiwayo. Suzophinde sisebenzise lesi sikhathi ukuthi kube khona ugesi esiwubekela isonto elizayo," kusho le nkampani esitatimendeni.
OLUNYE UDABA: Ungaphansi kwengcindezi ugesi - Eskom
"U-Eskom uthanda ukuqinisekisa amakhasimende ukuthi ugesi unqanyulwa kuphela uma kunesidingo ukuze kuvikelwe umthamo kagesi osuke ukhona ngaleso sikhathi."
U-Eskom ngoLwesine uthe isiphehli esiseKoeberg, ngaphandle kwaseKapa, sizovalwa izinyanga ezintathu ngoba sizobe silungiswa.