Cape Town – Inkampani ephehla iphinde iphakele iNingizimu Afrika ugesi isiqalile ukucima ugesi ngaphansi kukaStage 1 ngo-17:00, kanti kuzoqhubeka kuze kushaye u-22:00 ngoLwesithathu.
Ngokusho kuka-Eskom lokhu kungenxa yokushoda kukagesi ophehliwe ngoba eminye imishini ayisebenzi ngendlela.
OLUNYE UDABA: U-Eskom usuqalile ukucima ugesi ngaphansi kukaStage 2
U-Eskom uphinde waxwayisa amakhasimende ngezinguquko ezingalindelekile mayelana nogesi.
Uma kungukuthi ungaphansi kwengcindezi, le nkampani ithi iyophoqeleka ukuthi idlulele esigabeni esilandelayo.
Le nkampani iphinde yanxusa amakhasimende ukuba alekelele ngokuthi onge ugesi ngokucisha izinto ezisebenza ngogesi uma singasetshenziswa.