Cape Town – Inkampani ehlinzeka ngogesi kuleli, u-Eskom, isivumile ukuthi kunamaphutha enzeka ekwakhiweni kwezikhungo eziphehla ugezi, iKusile neMedupi, futhi isidalule nokuthi izothatha izinyathelo ukuhlawulisa abakhi ngokwehluleka ukwenza umsebenzi ngendlela, kusho ibamba lesikhulu esiphezulu uCollin Matjila ngoMsombuluko.
Ngesikhathi
ecindezelwa amalungu ePhalamende eDemocratic Alliance, Inkatha Freedom Party ne-Economic
Freedom Fighters emhlanganweni wekomidi lezamandla ePhalamende ngoLwesibili, uMatjila
akazange kodwa asho ukuthi ukubambezeleka komklamo sekudle malini.
Funda olunye udaba: Ungase unqamuke ugesi ehlobo.
Okhulumela ezamandla eqenjini le-DA, uLance Greyling, uthe ukubambezeleka komklamo wokwakhiwa kwezikhungo eziphehla ugezi kudle imali elinganiselwa ku-R120bn eMedupi kanjalo naseKusile, isikhungo ngasinye, kodwa nalapho uMatjila akazange asidalule isamba semali.
Nakuba kunjalo, uvumile phambi kwekomidi ukuthi u-Eskom wenza amaphutha.
Ukuqinisekisa ukuthi akukho
ukuphazamiseka okuzokwenzeka esikhathini esizayo, u-Eskom wenze isivumelwano
nabasebenzi abaqashwe yizinkampani eziqashelwe ukwenza umsebenzi, usho kanje.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.