Johannesburg – Kuzobe kunohlelo lokucisha kukagesi cishe usuku lonke ngeSonto ngokusho kwenkampani ephakela leli ngogesi, u-Eskom.
Le nkampani ithi lokhu kumele ikwenze njengoba idinga ukuqongelela ugesi ukuze balungiselele isonto elizayo.
U-Eskom uthe ngeke kubenokucisha kukagesi emini ngoMgqibelo ngenxa yokuthi banogesi owanele.
Funda nalolu daba: Uyaqala uStage 2 ngo-4pm
Uthe kodwa kungenzeka bangenele ku-Stage 1 kusukela ngezithuba zabo-17:00 kuya ku-22:00.
"Njengoba silindele ukuba kubande kakhulu ezweni lonke ngenxa yomsinga obandayo, sinxusa amakhasimende ukuba acabangisise ezinye izindlela abangazifudumeza ngazo,” kusho u-Eskom esitatimendeni.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.