Cape Town - Inkampani ephehla iphinde iphakele leli ngogesi isiveze ukuthi izoqala ukucima ugesi ngaphansi kukaStage 1 kusukela ngo-17:00 kanti lokhu kuzoqhubeka kuze kushaye u-22:00.
Le nkampani ithe ugesi ungaphansi kwengcindezi enkulu ngenxa yokushoda kweziphehli zikagesi ezisebenzayo, ngoba ezinye ziyalungiswa.
OLUNYE UDABA: Abakwa-Eskom sebememezele oluka-stage 2
"U-Eskom uthanda ukuqinisekisa amakhasimende ukuthi ugesi ucinywa kuphela uma kunesidingo ukuze kuqinisekiswe ukuthi kubanogesi owanele ngenkathi ezayo," kusho lesi sikhodlakhondla.
"Uma kuba noshintsho olungalindelekile sizokwenza isimemezelo," kuqhuba u-Eskom.
"Siyanxusa ukuthi amakhasimende azame ezinye izindlela zokuzifudumeza - ngaphandle kokusebenzisa ugesi - njengoba kubanda nje."