Cape Town – Inkampani ephakela leli ngogesi isimemezele ukuthi izoqala ukucisha ugesi ngaphansi kukaStage 1 kusukela ngo-16:00, kanti lokhu kulindeleke ukuthi kuze kuphele ngo-22:00.
"Uma kunoshintsho olungalindelekile njengoba ugesi ungaphansi kwengcindezi, sizophoqeleka ukuthi sidlulele esigabeni esilandelayo,” kusho le nkampani.
U-Eskom uqale leli sonto ngokucima ugesi ngaphansi kukaStage 1 ngaphandle kwesexwayiso, waze wazisa abezindaba nomphakathi ngemuva kwemizuzu engu-30.
OLUNYE UDABA: Luyaqhubeka uhlelo lokucima ugesi
Ube usudlulela kuStage 2 kungakapheli ngisho ihora ngenxa kagesi obungaphehleki ngendlela ngoba bekukhandwa imishini.
ngoLwesibili, ugesi ucishwe ngaphansi kukaStage 2.
Lesi sikhondlakhondla senkampani sesicele abantu bakuleli ukuthi balekelele ngokuthi bonge ugesi.
“Akukhathaleki mungakanani umthamo owongiwayo, kepha wenza umehluko omkhulu.”