Cape Town - Eminyakeni emihlanu uMnyango wezemisebenzi yomphakathi usebenzise imali engacishe ifinyelele ku-R35 billion ezintweni ezingafanele kanye nasekwakheni noma ekuqasheni izakhiwo zikahulumeni singekho isidingo, kubika iThe Star ngoMsombuluko.
Imali engu-R34.98bn elahlekele uMnyango ivele obala ngesikhathi kubuyekezwa izimali ezakhokhelwa iProperty Management Trading Entity (PMTE) kusukela ngo-2009.
Lokhu kuvele embikweni oyimfihlo, iThe Star ethi iwubonile.
Funda nalolu daba: UMnynago ufuna isixazululo ngolwabadayisi.
Kodwa kuvele nokuthi ukumoshwa kwezimali zomphakathi kwehlule eminyakeni emihlanu eyedlule.
Ilinganiselwa ku-R22bn imali eyalahlekela uMnynago ngonyakamali ka-2009/10, kwaba u-R4.9bn ngo-2010/11 kanti ngonyakamali ka-2011/12 kwamosheka u-R3.8bn.
Ngonyaka odlule ulahlekelwe u-R600m.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.