"Angikucacise ukuthi ngeke sibeke ijoka emahlombe abahlwempu ngoba sizama ukubhalansisa izinto,” kusho uNene ngesikhathi ethula isabelomali saphakathi nonyaka ePhalamende ngoLwesithathu.
Uthembise ngokuthi kuzoba nemizamo enqala yokonga imali ukuze umsebenzi uqhubeke ngendlela.
OLUNYE UDABA: Sekubhekwe uNene ngomnotho wezwe
Ungqongqoshe uthe uyakubona ukubaluleka kwezibonelelo zikahulumeni ekwehliseni izinga lobubha kuleli.
"Senza konke okusemandleni ukuthola imali ezoqinisekisa ukuthi abantu ababhuqwa yindlala,” egcizelela, wathi nokho liphezulu kakhulu izinga labangasebenzi.
Uthembise ngokuthi abantu bakuleli abampofu ngeke bathinteke kakhulu ezinguqukweni ezizoba khona.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho