Johannesburg - UTelkom ubuyisele izinduku ezinyunyaneni ezintathu eziwuhambise enkantolo ukuzama ukumisa uhlelo lokudilizwa kwabasebenzi kule nkampani.
NgoJuni, uTelkom wamemezela ukuthi uzimisele ngokudedela abasebenzi abangu-4 400 ngokuthi bazihambele bona noma bathathe umhlalaphansi ngaphambi kwesikhathi kuthi abanye abasebenzi abangu-3 400 bona bazofakwa kwezinye izinkampani.
Izinyunyana ziyasigxeka kakhulu lesi sinyathelo, kanti izingxoxo ngalolu daba zafinyelela kwangqingetshe ngenyanga eyedlule.
OLUNYE UDABA: UTelkom uzodiliza izinkulungwane zezisebenzi
Inyunyana iSolidarity ikhulume ngoLwesithathu yathi izimisele ngokuyisa lolu daba eNkantolo yezabaSebenzi.
Esitatimendeni esitholwe yiFin24 ngoLwesine, uTelkom uthe kunezinye izinyunyana ezijoyine iSolidarity ekuzameni ukuvimba ukudilizwa kwabasebenzi.
"Inkampani ikholelwa ekutheni ayikho into ebambekayo ngalesi sicelo esifakwe enkantolo. Sizimisele ngokusiphikisa," kusho le nkampani esitatimendeni.