Ngesikhathi ethintwa yiSapa, lowo oyisikhulu sale nkampani uGary Webb unqabile ukuphawula ngalo mbiko, wathi le "yindaba yangaphakathi".
Lo msakazeli uveze ukuthi abasebenzi bale nkampani banikezwe izincwadi ezibazisa ngokumiswa emsebenzini okwesikhashana.
Lokhu kuzoqhubeka kuze kube nguJuni 30.Abasebenzi bazobe bengaholi ngalesi sikhathi behlezi emakhaya, kusho lo msakazeli.
Le nkampani ibhekene nenkinga yokuthi ingase ivalwe kulandela ukufakwa enkantolo yiBP Southern Africa emuva kwezinsolo zokuthi iwukweleta u-R29 million.- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter