isiZulu

UZuma wexwayise abezimayini

2012-08-23 07:44
Marikana - UMengameli Jacob Zuma usexwayise izinkampani zezimayini ngokuthi zizophucwa amalayisensi uma zihluleka ukuhlinzeka abasebenzi bazo ngezindlu ezisezingeni elifanele.

Ukusho nje lokhu, sekuphele isonto kwashona abavukuzi abangu-44 ngesikhathi bengena esitelekeni esingekho emthethweni nesaphenduka udlame.

UZuma ubekhuluma esifundweni lapho bekuhlonishwa khona lowo owayengumengameli we-African National Congress uJames Moroka, eMmabatho, eNorth West.

Ubedlulisa lo myalezo kulandela isibhicongo esadlula nemiphefumulo, sadonsa amehlo omhlaba eLonmin.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

AFP
Ad:Retirement Plan from R150/m (RSA Residents Only)
«Emuva
Ad:Family Funeral Plan from R36/m (SA residents only)