Johannesburg - Imibiko iveza ukuthi uhulumeni ugcine ethe ukwehlela ngezansi wanyusa isiphakamiso samaholo kubasebenzi bakhe.
Okhulumela i-Independent Labour Caucus uChris Kloppers utsele iphephandaba iThe New Age ukuthi isiphakamiso sesinyuswe sisuka ku-6.5% saya ku-6.7%.
"Kumele sazise amalungu ethi ngalesi siphakamiso esisha," kusho uKloppers.
Abasebenzi bakahulumeni bafuna ukunyuselwa imiholo ngo-7.5%.
Okhulumela uMnyango wezabaSebenzi bakaHulumeni uNdivhuwo Mabaya unqabile ukuqinisekisa lokhu kuleli phephandaba.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
SAPA