Cape Town - Ngaphambilini kwabonakala isithombe senkukhu enongiwe phansi esitolo sakwaCheckers esisenxanxathela yezitolo iBayside, eKapa kanti manje sekubonakale esinye senyama yenkukhu evuthiwe enezimpethu.
AbakwaHealth24 sebebike izindaba eziningi zamakhasimende angagculisekile ngokudla kwalesi sisitolo.
Ezinye zezindaba ezingezinhle ezabikwa ngamakhasimende akwaCheckers; ukungcola nokunuka ukubola, ukutholakala kocwezu lwengilazi, amagundane namaphela.
Kanti futhi sekubikwe kaningi ukuthi uCheckers unawo umkhuba wokuthosa inyama ebolile uyithengise.
Muva nje abakwaHealth24 basanda kuthintwa ikhasimende elithenge inyama eyosiwe kaCheckers osePlumstead kodwa layiphindisa ngoba ibiyomile balinika enye enezimpethu phakathi iqeda ukuyiluma.
OLUNYE UDABA:Ukushaqeka kubonakala inkukhu phansi esitolo kaCheckers
Leli khasimende libe selinikwa ivoucher yemali engu-R50 wesinxephezelo kodwa lama kwelokuthi lifuna ubufakazi bokuthi isitolo sinaso isitifiketi sokwenza ukudla okuphephile.
Libe selidluliselwa kumphathi omkhulu othe okwenzekile akuhlangene nedlela abenza ngayo ukudla.
Ikhasimende libe selinikwa ivoucher yemali engu-R500 wokuxolisa.
AbakwaCheckers bazivumele ngokwabo ukuthi bahlulekile ukufinyelela ezingeni labo eliphezulu elijwayelekile lokudla kwabo.
Okhulumela abakwaCheckers uSarita van Wyk uthe udaba sebelulungisele ngaphakathi enkampanini.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter