Cape Town – Unkosikazi ongasebenzi obhekelela izidingo zasekhaya ufanelwe ukukhokhelwa imali engaphezulu kuka-R500 000 ngonyaka ngokufukuza kwakhe ngokubika kweNetwerk24.
Lokhu kuqhamuke ngemuva kocwaningo olwenziwe nguSteve Nelms waseMelika obale ukuthi kungabiza malini ukuqasha umuntu noma abantu abazokwenza imisebenzi eyenziwa ngunkosikazi ongasebenzi.
Ucwaningo lukaNelms luthole ukuthi ngonyaka yonke le misebenzi ingabiza u-R890 980 ngonyaka.
OLUNYE UDABA: Usovalweni unina womsakazi ngemuva kokugqekezelwa
Iphephandaba iRapport lisebenzise lezi zibalo lathola ukuthi ngenyanga ufanele ukuhola u-R54 770 uma kungathiwa uyaholelwa ngomsebenzi awenzayo ngaphandle kokusebenza izimpelasonto.
Phakathi kwezinto ezibhekiwe ngesikhathi kwenziwa lezi zibalo kubalwe ukupheka okubiza u-R4200 ngenyanga, ukuqasha umuntu ozokuthengela igilosa obiza R25 000 ngenyanga, ukuhambisa nokulanda ingane esikoleni okubiza u-R4 200 ngenyanga uma ifunda ibanga elingaphezulu kwamakhilomitha angu-8 nasekhaya, ukuhlanza umuzi okubiza u-R230 ngosuku, ukuwasha noku-ayina okubiza u-R125 ubhasikidi, ukunakekela ingane okubiza u-R65 ngehora nokuyenzisa umsebenzi wesikole kona okungabiza u-R170 ngehora.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho