New York - Kuqopheke umlando inkundla yokuxhumana iFacebook ifinyelela kwibillion kubantu abayisebenzisile ngosuku olulodwa, ngokusho kombiko.
Le nkundla yokuxhumana edume kakhulu ngokomthetho inabantu abangu-1.5 billion kodwa bekuqala ukuthi ngosuku olulodwa kungene abantu abafinyelela kwibillion njengoba lokhu kwenzeke ngoMsombuluko.
OLUNYE UDABA: U-Eskom uthi siyasiza kakhulu isiphehli esisha
Isikhulu esiphezulu seFacebook uMark Zuckerberg uzwakalise injabulo yakhe ekhasini lakhe kuyona le nkundla.
Imvamisa nsukuzonke isibalo sabantu abasebenzisa le nkundla bajwayele ukuba u-968 million.
Iningi labantu abasebenzisa le nkundla baqhamuka emazweni ahlukene angaphandle kwe-United State neCanada.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter