Cape Town - Umnotho waseNingizimu Afrika usahlukaniswe ngokobuhlanga kakhulu, kusho uMengameli Jacob Zuma ngoLwesibili.
Ukhulume kanje amukela okwesibili amalungu ePresidential Black Economic Empowerment Council eTuynhuys, eKapa, wawatshela ukuthi kumele abhekane nale nkinga ngoba ibambezela uguquko.
"Izinhlaka zomnotho wethu zisancike kakhulu endabeni yobuhlanga, kumele kuthi uma niqhuba umsebenzi ningalibalekeli lelo qiniso.”