Cape Town – INingizimu Afrika ingase izizwele okokuqala ngwa kucishwa ugesi ngaphansi kukaStage 4 ngemuva kokuthi u-Eskom umemezele ukuthi lokhu kungase kwenzeke.
Ukucishwa kukagesi ngaphansi kukaStage 1 kusho ukuthi kunqanyulwa ugesi ongu-1 000 MW, kuStage 2 kube ngu-2 000 MW kuthi uStage 3 ube ngu-4 000 MW.
OLUNYE UDABA: Uzocima futhi ugesi nanamhlanje - Eskom
"Ngakho sihlela ukushintsha uStage 3 ube ngu-3 000 MW, bese kuthi uStage 4 kube ngu-4 000 MW kagesi ocishwayo,” kusho okhulumela u-Eskom ekhuluma neFin24 ngoLwesihlanu.
“Besingakaluqinisekisi usuku lokuthi kwenzeke lolu shintsho, kepha akusezinsuku zatshwala.”