Johannesburg - Ugesi usaqhubeka nokuba phansi kwengcindezi ngoLwesithathu kanti kungase kube nokucinywa kwawo, kuxwayisa u-Eskom.
"Ugesi ungaphansi kwenkulu ingcindezi namhlanje. Uma kwenzeka okungaphezulu kokulindelekile, singase sisebenzise uhlelo lokuwucima,” kusho u-Eskom.
NgoLwesine olwedlule, isikhulu esiphezulu kwa-Eskom uTshediso Matona wathi uhulumeni unesandla ezinkingeni zikagesi ngemigomo yakhe.
Funda nalolu daba: UNgqongqoshe uncome isinqumo sabakwa-Eskom.
Lokhu kuhlanganisa eyamanani kagesi abekwa yiNational Energy Regulator of SA.
UMatona ugcizelele ukuthi ugesi usazoqhubeka nokubaphansi kwengcindezi ezinyangeni ezizayo njengoba u-Eskom usalungisa izikhungo eziphehla ugesi.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.