Share

Uqashwe yinkampani ezimele uTrevor Manuel

Johannesburg – Inkampani enkulu yabeluleki bezimali iRothschild iqoke lowo owayengiNgqongqoshe wezeziMali eNingizimu Afrika uTrevor Manuel esikhundleni sokuba ngumeluleki wayo. 

Ngokombiko we-Fin24 le nkampani iveze lokhu ngoLwesibili lapho iveze khona ukuthi izizwa ihloniphekile ngokujoyinwa ngumuntu osezingeni likaManuel.

“IRothschild iyakuthokozela ukumemezela ukuthi isiqoke uTrevor Manuel njengomaluleki wayo emhlabeni wayo jikelele futhi nokuba yiSekela likaSihlalo weRothschild South Africa kusukela ngomhlaka 1 ku-Okthoba 2014,” kusho uSihlalo wale nkampani uDavid de Rothschild kwisitatimende.

OLUNYE UDABA: Ningakhathazeki ngezwe elingenaMandela - Manuel

“Isipiliyoni anaso emnothweni eNingizimu Afrika ngaphansi koMengameli abehlukele nezinye izikhundla ake waziqhoqhobala emhlabeni kumenza akulungele ukuba yingxenye yenkampani futhi uzodlala indima ebalulekile,” kuqhuba isitatimende.

UManuel usanda kuthatha umhlala phansi kwezepolitiki ngemuva kweminyaka engu-20 eqhoqhobele izikhundla ezahlukene kuhulumeni njengoba eshenxe esenguNgqongqoshe ehhovisi likaMengameli.

Kuthiwa uManuel uzwakale ejabulile ukuqokelwa esikhundleni sakhe.

Uthe uzimisele ukuthi ukukhulisa le nkampani e-Afrika yonkana.

      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

        - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
How often do you go to the cinema to watch new movies?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Often - nothing beats the big screen
3% - 28 votes
Hardly - I prefer streaming online
66% - 736 votes
Sometimes - it depends on the film release
32% - 354 votes
Vote
Rand - Dollar
19.15
-0.7%
Rand - Pound
23.82
-0.6%
Rand - Euro
20.39
-0.5%
Rand - Aus dollar
12.30
-0.5%
Rand - Yen
0.12
-0.6%
Platinum
950.40
-0.3%
Palladium
1,028.50
-0.6%
Gold
2,378.37
+0.7%
Silver
28.25
+0.1%
Brent Crude
87.29
-3.1%
Top 40
67,190
+0.4%
All Share
73,271
+0.4%
Resource 10
63,297
-0.1%
Industrial 25
98,419
+0.6%
Financial 15
15,480
+0.6%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE