Cape Town – Uphethiloli wohlobo lwe-93 octane wehle ngo-2 cents ilitha kwathi i-95 octane yona yenyuka ngo-4 cents ilitha, kanti idizili wehle ngo51 kuya ku-53 cents ilitha kusukela ngoLwesithathu.
Usomnotho uXhanti Payi uthi yize uphethiloli wehle kancane, amakhasimende amukela noma yiluphi uhlobo lokwehla.
“Yebo kuyiqiniso ukuthi amakhasimende angamukela noma yini njengamanje. Imiholo yabantu ayinyuki kepha amanani ezidingongqangi anyuka mihla namalanga.”
OLUNYE UDABA: Uyanyuka futhi uphethiloli ngesonto elizayo
Omunye usomnotho uxwayise amakhasimende ukuba aqhubeke nokonga.
Usomnotho u-Azar Jammine uthi isimo somnotho esintengayo silimaza izinhlaka eziningi.
“Kumele abathengi bafunde ukonga ngoba kusekuningi okungenzeka.”