Cape Town – Inkampani ephakela leli ngogesi, u-Eskom, iqalile ukucima ugesi ngezigaba ngaphansi kukaStage 1 kusukela ngo-07:00 kuya ngo-22:00.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi ugesi ubucime ngaphansi kukaStage 2 ngoMgqibelo.
"Ukucima kukagesi kungenxa yeziphehli ezingasebenzi kahle kanye nomthamo omncane kagesi ophehliwe,” kusho u-Eskom ngeSonto.
OLUNYE UDABA: U-Eskom uyaqhubeka nokucima ugesi
"U-Eskom uthanda ukusho ukuthi ugesi ucishwa kuphela uma kunesidingo ukuze uqinisekise ukuthi asibi nenkinga kagesi ngesikhathi esizayo.”
Ube usucela namakhasimende ukuba aqhubeke nokonga ugesi.