Cape Town – Inkampani ephehla iphinde iphakele izwe ngogesi, u-Eskom, isimemezele ukuthi izocima ugesi ngaphansi kukaStage 1 ngo-16:00 bese ingena kuStage 2 ngo-17:00 kuze kushaye u-22:00.
"Lokhu kungenxa yomthamo omncane kagesi ophehlwayo ngoba eminye imishini iyalungiswa,” kusho le nkampani ngoLwesibili.
OLUNYE UDABA: Ngeke ucime ugesi kule mpelasonto - Eskom
"U-Eskom uthanda ukuqinisekisa amakhasimende ukuthi ugesi ucishwa ngezigaba kuphela uma kunesidingo.
“Lokhu kwenzelwa ukuqikelela ekutheni imishini ilungiswa ngendlela khona ingeke ihluphe ngesikhathi esizayo.”