Johannesburg - Abantu abahamba ngamabhayisikili, abashayeli bezimoto kanjalo namalungu omfelamdawonye wezinyunyana iCosatu, sebehlangene emgwaqeni waseGoli, la bezocothozisa khona izimoto zabo njengophawu lokulwisana nabakwaSA National Roads Agency Limited.
Umbhikisho uzohambela emahhovisi eSanral, ePitoli, njengoba kuqhubeka impi yokuphikisana nama-etolls.
Amaphoyisa omgwaqo kuMasipala waseGoli, asedwebe umngcele ozosetshenziswa yiCongress of SA Trade Unions (Cosatu).
Funda nalolu daba: Kusazokhulunywa ngolwama-etolls - Zuma
Abanye bababhikishi baphethe izingqwembe ezithi "bring back our 'freeway'."
Amalungu enyunyana iNational Taxi Alliance, anameke izigqebhezana ezimotweni, ekhombisa ukumelana nohlelo lwama-etolls.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).