Cape Town – Inkampani ephehla iphinde iphakele leli ngogesi, u-Eskom, ithe izoqala ukucima ugesi ngaphansi kukaStage 2 kusukela ngo-06:00 kuze kushaye u-22:00 ngoLwesibili.
Lokhu kulandela izinsuku ezimbili zokuhamba kukagesi, njengoba izakhamuzi eziningi zikhale ngokuthi ugesi uhambe amahora amade kunalawo ajwayelekile.
Omunye wabafundi beFin24 ohlala e-Athlone, eKapa, uthe ugesi uhambe ngo-16:00 wabuya imizuzwana, waphinde wahamba waze wabuya ngabo-21:00.
OLUNYE UDABA: Ungase uphoxe ugesi kuleli Phasika
U-Eskom ukhiphe isitatimende wathi usukumisile ukucima kukagesi ngoMsombuluko ebusuku sekushaye ihora leshumi.
“Kumele abantu bakuqonde ukuthi ukubuyisa ugesi kuthatha isikhathi eside kwezinye izindawo," kusho isitatimende.
Le nkampani ithi kuhamba kancane ukuphehlwa kukagesi ngoLwesibili ngenxa yokuthi kuneziphehli ezingasebenzi.