Johannesburg – Umsebenzi wokwakha kanye nenzuzo kule mboni kwehlile, kodwa izinkomba ziveza ukuthi lenyukile izinga labatshalizimali kule mboni esigabeni sesithathu sika-2014, kusho iFNB neBureau for Economic Research (BER) ngoMsombuluko.
Izinkomba zezokwakha eFNB/BER zinyuke ngamaphuzu amane zafinyelela ku-48 esigabeni sethathu sonyaka, ngemuva kokwehla kwezinkomba esigabeni sokuqala sonyaka.
Kubonakele ukwehla komsebenzi wokwakha esigabeni sesithathu
sonyaka, kodwa le mboni isenza kahle kakhulu.
Funda nalou daba: Abatshalizimali basawethemba uCapitec.
Ukwenyuka
kwabatshalizimali kule mboni kudalwe wukuthi kulindeleke ukuba likhule izinga
lezokwakha esigabeni sezine sonyaka.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.