Izingxoxo zibanjelwe endaweni engadalulwanga eGoli.
Izinkampani i-Anglo American Platinum (Amplats), Impala Platinum (Implats) kanjalo neLonmin, zizohlangana nabamele abasebenzi abangaphansi kwenyunyana i-Amcu, kush okhulumela izinkampani uCharmane Russell.
NgoLwesithathu, abe-Association of Mineworkers and Construction Union, baveze ukuthi abakafinyeleli esivumelwaneni, bathi izingxoxo ziyaqhubeka.
Abasebenzi babeka phansi amathuluzi mhlaka-23 Januwari, bathi bafuna umqashi abanyusele amaholo abe ngu-R12 500 ngenyanga.
Izinkampani sezinyuse isiphakamiso sisuka ku-7.5%, saya ku-10%.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).