Cape Town – Abashayeli bazofaka u-49c ilitha ngayinye uma bethenga zonke izinhlobo zikaphethiloli ngenyanga ezayo, kusho uMnyango wezaMandla ngoLwesine.
Udizili wona uzonyuka ngemali ephakathi kuka-30c no-32c ilitha.
Labo abasebenzisa uphalafini bazokhokha imali ephakathi kuka-34c no-46c ilitha kuthi igesi yona ibize u-96c ngaphezulu nge-kilogram eyodwa.
UMnyango uthi isizathu salokhu kunyuka ukwehla kwamandla erandi uma liqhathaniswa neDollar.
OLUNYE UDABA: Uyenyuka uphethiloli ngesonto elizayo - UMnyango
"Intengo kaphethiloli, udizili kanye nophalafini emazweni omhlaba yikho okudale ukunyuka kwamanani kuleli,” kusho uMnyango esitatimendeni.
"Ukuntenga kwerandi uma liqhathaniswa neDollar nakho kube nomthelela ekunyukweni kwalezi zinto ezizbaliwe.”
OwoMnyango uRobert Maake uthe: “Ukunyuka kwamanani kawoyela ongahluziwe nawo anezelile kulokhu kunyuka.”
Konke okubaliwe kuzonyuka ngomhlaka-3 Meyi.