Durban - Bathwele kanzima abagibeli bamabhasi eThekwini njengoba kuteleke abashayeli bamabhasi akwaMasipala.
Abashayeli bamabhasi bavale imigwaqo ngamabhasi okwenza kungahambeki kahle emgwaqeni.
Abashayeli bamabhasi bapake amabhasi emgwaqeni emikhulu eThekwini uN2 noM4 engenela edolobheni laseThekwini.
OLUNYE UDABA: Kume konke amabhasi evimbe imigwaqo eMlazi
Imigwaqo ivalwe nasemalokishini amakhulu eTheku Umlazi noMashu.
OweTheku uTozi Mthethwa unxuse abagibeli ukuba bababekezelele njengoba isimo sime kanje.
"Siyazi ngokuphazamiseka kokuhamba kwamabhasi kanti sicela abagibeli basebenzise ezinye izinto zokuhamba.
"Nabashayeli bezimo nabo bayacelwa ukuba basebenzise eminye imigwaqo ukufinyelela ezindaweni zabo zokusebenza. Sixolisa kakhulu kubagibeli nezakhamuzi zeTheku, kubika iNewswatch.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter