Johannebsurg - Okhulumela inkampani yezincingo yakwaMTN, uChris Maroleng, uthi isikhulu esiphezulu uSifiso Dabengwa wesule ngoba enzela inkampani kanye nabanikazi bamasheya.
I-MTN isikuqinisekisile ukuthi uDabengwa wesulile esikhundleni, yathi isiqoke uPhuthuma Nhleko, ukuba abambe kwesishiywe uDabengwa.
Funda nalolu daba: Ezimnandi ngogesi ezivela kwa-Eskom
Ngokusho kukaMaroleng, uDabengwa ufake incwadi yokwesula kwakhe ngoba ecabangela inkampani nabanikazi bamasheya, “ngenxa yesimo esingesihle esizithole sikusona, eNigeria.”
UMaroleng uphinde wathi uDabengwa akasulanga esikhundleni ngoba enecala.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.