Johannesburg - Ukungazinzi kwezimakethe kulandela ukukhishwa kukaNhlanhla Nene esikhundleni sakhe njengoMgqongqoshe wezezimali kungalindelekile kuzobanomthelela ongemuhle njengoba kulindeleke ehle amanani kadizini nawapharafini.
Ngokusho kwe-Automobile Association (AA)‚ abashayeli bezimoto bazozwela ngokukhishwa kukaNene esikhundleni sakhe.
I-AA isho kanje ngemuva kokuba iCentral Energy Fund ikhiphe izibalo zamanani kaphethiloli ezingacwaningiwe ngoLwesibili.
Funda nalolu daba: Umufi wayefuna ukudovosa umyeni
“Amanani kaphethiloli ngeke ashintshe, kanti amanani kadizini kulindeleke ehle ngo-50 cents ilitha, awapharafini wona ehle ngo-43 cents ilitha‚” I-AA isho kanje, yaphinde yathi ukuba irandi liqinile kunalokho bekuzobanomehluko ka-20c”.
Lokhu kungemuva kokuba amanani kawoyela eqhubeka nokwehla.
I-AA ithe ukwehla kwamanani kaphethiloli angase ehle ngoJanuwari, kubika iTimesLive.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.