Johannesburg – Abakhiqizi benyama ebomvu eMpumalanga sebeyichithile imibiko ethi amanani enyama azokwehla ngamaphesenti aphakathi kuka-8 no-11 kula maholidi.
USihlalo weRed Meat Producers’ Organisation esifundazweni, uKoos Dafel, uthe amanani enyama ebomvu azokhuphuka ngenxa yesomiso esiqhubekayo.
“Inyama engu-A grade ezosetshenziswa kwakhulu uma kosiwa, ikhuphukile ngenxa yokuthi izinkomo zibuthaka okusho ukuthi azinayo inyama eningi.
OLUNYE UDABA: Uhlatshiwe umbiko othi inyama ibanga umdlavuza
“Lokhu kuzoqhubeka izinyangana, kuze kube sithola imvula eyanele ngaboMashi,” kusho uDafel.
UDafel uthe iningi lenyama ebomvu esezitolo isinyuke ngo-R5/kg kulezi zinyanga ezedlule.
Uthe nokho inyama engu-C-grade, edilivwa kakhulu emafemini ukuze kuzokwenziwa izinto ezifana nama-vienna no-polony, yona izokwehla kancane.
Ukuphawula kukaDafel kuza ngemuva kokuthi usomnotho wezolimo kwa-FNB, uPaul Makube, ememezele ukuthi le nyama izokwehla.