Share

Abadlali badunguza ebumnyameni ngokuthengwa kwe-ACES

Johannesburg –  Badunguza ebumnyameni abadlali beMpumalanga Black Aces kulandela imibiko ethi leli qembu selithengwe AmaZulu, ngokusho kombiko.

Ngokubika kweSport24 omunye wabadlali ocele lingadalulwa igama lakhe uthe ushaqekile njengoba eqale ukuzwa ngalokhu kwabezindaba.

“Angazi ngingaqala kuphi, sonke njengabadlali sisathukile ngale mibiko njengoba izolo yonke into iqhubeke ngokujwayelekile ejimini. Asikatshelwa lutho,” kusho lo mdlali.

“Lesi simo sisithuse kakhulu njengoba sisalinde izikhulu zeqembu zizosicacisela ngeminingwane njengoba konke esisakuziwile sikuthola kwabezindaba.”

OLUNYE UDABA: Kubuye abebebolekisiwe kwiDowns

Uthe kunzima ukuqonda ukuthi i-Aces ingadayiswa kanjani njengoba isanda kuletha umqeqeshi onesipiliyoni njengoMuhsin Ertugral nomsizi wakhe uPatrick Mabedi.

I-Aces isanda kusayina umdlali oqhamuka kwi-Orlando Pirates u-Aubrey Ngoma nonozinti Shu-Aib Walters osuka kwiMaritzburg United.

Khona manjalo iSport24 ibike ukuthi iPremier Soccer League iyayichitha le mibiko yokuthi la maqembu asedayiselene.  

Isikhulu sePSL uBrand de Villiers uthe akanalo ulwazi ngale mibiko.

“Iligi ayikaziswa lutho ngale mibiko ngakho siyithatha njengento engekho,” kusho uDe Villiers.

      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

        - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
32% - 419 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
68% - 885 votes
Vote
Rand - Dollar
19.07
+0.5%
Rand - Pound
23.60
+1.0%
Rand - Euro
20.32
+0.3%
Rand - Aus dollar
12.24
+0.5%
Rand - Yen
0.12
+0.4%
Platinum
943.20
-0.8%
Palladium
1,035.50
+0.6%
Gold
2,388.72
+0.4%
Silver
28.63
+1.4%
Brent Crude
87.11
-0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE