Johannesburg - Umqeqeshi weKaizer Chiefs uStuart Baxter uncome abadlali bakhe abebeyingxenye yeqembu leBafana Bafana elidlale neSudan neNigeria.
Abafana bamaGlamour Boys, uTefu Mashamaite, Eric Mathoho, Reneilwe Letsholonyane noMandla Masango bonke bawuqalile umdlalo ngesikhathi iNingizimu Afrika idlala ngo-2-2 neNigeria ngoLwesithathu, uBrilliant Khuzwayo yena ubesebhentshini.
“Kumele kwazeke ukuthi abadlali beKaizer Chiefs abafaba boTefu Mashamaite, Eric Mathoho, Reneilwe Letsholonyane, Mandla Masango noBrilliant Khuzwayo, babenesandla esikhulu ekudlaleni kahle kweBafana,” kusho uBaxter ku-website yeqembu.
Funda nalolu daba: Ikhadi elibomvu lisiphazamisekakhulu - Mashaba.
Amehlo azobe ebheke umdlalo olandelayo weChiefs neMamelodi Sundowns koweligi ozoba seFNB Stadium ngoMgqibelo ntambama.
“Ahambe kahle amalungiselelo nabadlali ebesinabo kanti nethimba lodokotela nalo alibikanga lutho olubi ngaphandle kukaKgotso Moleko ongeke abekhona amasonto angu-6 kuya kwangu-8,” kusho lo mqeqeshi.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.