Tunis – Abe-Orlando Pirates bahlenge impilo yowesifazane oquleke esikhumulweni sezindiza eTunisia ngesikhathi belinde ibhanoyi lokubuyela kuleli ngemuva komdlalo wabo ne-CS Sfaxien.
Ngokubika kweDaily Sun ngoMsombuluko umdlali wasesiswini u-Issa Sarr nodokotela waleli qembu uDkt Thabiso Mmoledi baphenduke abaSamariya ngesikhathi behlenga impilo yowesifazane omane washayeka phansi wawa esikhumuleni sezindiza.
Kubikwa ukuthi leli qembu belisalindile esikhumulweni ngesikhathi libona lona wesifazane eshayeka phansi.
Sichaza ngokwenzekile isikhulu saleli qembu uFloyd Mbele uthe:
“Abantu bamane bazibukela bazidlulela ngesikhathi lona wesifazane ebhakana nalobu bunzima.
OLUNYE UDABA:OweBafana uncome i-Orlando Pirates
UDkt Mmoledi uphuthume kuyena ukuyozama ukuthola inking yakhe.”
Umdlali wasesiswini odabuka eSenegal uSarr naye uphuthume kuyena lona wesifazane kwazise ubekwazi ukumuzwa ngenxa yokuthi indodakazi yalona wesifazane ubekhuluma isi-French.
“USarr ukwazile ukutolika kwaba nokuxhumana phakathi kwendodakazi yalona wesifazane nodokotela ngesikhathi ehlengwa.
UDkt Mmoledi ukwazile ukuhlenga isimo salona wesifazane ngaphambi kokuthi adlulisele izintambo kwabosizo lokuqala ngaphakathi kulesi sikhumulo,” echaza.
UMbele uthe akuqali ukuthi ithimba lodokotela baleli qembu benze ubuntu njengoba naseSwaziland ngesikhathi beyodlala emqhudelwaneni weKings Super Cup udokotela wabo uDkt Ezekiel Matebula wacelwa ukuthi assize unozinti eRoyal Leopards owayevukwe yisithuthwane.
“Siyaziqhenya ngozakwethu ngokuhlale njalo bezinikela uma bedingakala ukuthi bacobelele ngolwazi lwabo kulabo abaludingayo ngaphandle kokufuna isenti,” kuphetha uMbele.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho