Johannesburg – Adayiswa okwamakhekhe ashisayo amathikithi omdlalo womkhaya phakathi kweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates ozoba seFNB Stadium eGoli.
Kulindeleke ukuthi le nkundla elayisha abantu abangu-94 700 igcwale phama ngabalndeli bala maqembu ngoMgqibelo njengoba womabili enza kahle kakhulu kulezi zinsuku.
Isikhulu sezokuxhumana kwiKaizer Chiefs uVina Maphosa utshele iKickOff ukuthi kungzeka la mathikithi aphele maduze ngendlela athengiswa ngayo.