New York - Umshayi sibhakela wasePhilippine uManny Pacquiao, usekhulume wathi uFloyd Mayweather Jnr, akayeke ukuba nomlomo omude, avume ukubamba impi naye.
"Wazi ukukhuluma qha, kuze kube manje akaze avume ukuthi sibambe impi. Uhlala njalo ebawuza esikhundleni sokuthi avume silwe," kusho uPacquiao etshela abezindaba ze-AFP.
Abathandi besibhakela emhlabeni,
bahlala njalo belangazelela ukubona lezi zinkunzimalanga zidelisana inkani.
Funda lolu daba: Usalokhu eyinkunzi uMayweather
UPacquiao, 35, usethathe isicoco somhlaba izikhathi ezingu-8 ezigabeni ezahlukene.
Kumanje uzilolongela ukuvikela isicoco sakhe seWorld Boxing Organization Welterweight, kuChris Algieri, waseMelika.
NgoMgqibelo uMayweather, ushaye uMarcos Maidana, waqhubeka nokuba ngumshayi sibhakela osedlale izimpi ezingu-47 ngaphandle kokuhlulwa.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.