Johannesburg - Unozinti weKaizer Chiefs neBafana Bafana, u-Itumeleng Khune, kukholakala ukuthi uzokwelula inkontileka yakhe neqembu laseNaturena kanti uma kungenjalo uzoya phesheya kwezilwandle kunokuba aye eqenjini elidla izambane likapondo iMamelodi Sundowns.
Phambilini kwabikwa ukuthi iSundowns izimisele ngokukhokha imali engakaze iyikhiphe ukuze ithole lo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala, bese imholela ngaphezulu kwabobonke abadlala kuPSL.
Funda nalolu daba: Izihlabani zifuna ukushiya kuSundowns.
Kodwa manje ngokombiko weSoccer Laduma, kuthiwa lo mdlali uma engalitholi iqembu phesheya kwezilwandle, uzosayina inkontileka entsha eNaturena, okuyiqembu akhulele kulona.
Kodwa nakuba iChiefs isikube kwacaca ukuthi izimisele ngokumgcina lo mdlali, akukho esakubeke etafuleni njengamanje.
Njengoba inkontileka yalo mdlali neChiefs isikunyaka wokugcina,
ngoJanuwari uzobe esevumelekile ukuqalisa izingxoxo namanye amaqembu amfunayo.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.