Johannesburg - Umgadli weMamelodi Sundowns uThemba Zwane uthi ufuna ukuqhubeka nokuzithoba njengoba kumhambela kahle ngokomsebenzi.
Lo mdlali oneminyaka engu-25 ubudala okhethwe eqenjini lesizwe umqeqeshi uShakes Mashaba kweyokuhlungelwa kweye-Afcon imelene neqembu iCongo.
"Ngiyakujabulela ukutuswa ngabantu kodwa angizikhukhumezi ngakho. Engikwenzayo ukubhekana nomsebenzi wami ngizikhulise ngokomsebenzi," kusho uZwane.
OLUNYE UDABA: Ulinde ngokuzwa ngekusasa lakhe umqeqeshi waMaZulu
"Kunabadlali abaningi abanekhono eqenjini leSundowns nasezweni okusho ukuthi mawuthola ithuba lokuba yinggxenye yokuba yinanoma yiliphi iqembu kumele uvive futhi ulithathe lelo thuba ngezandla zombili, kubika iKickoff.com.
"Kubalulekile ukuhlala ungumqemane futhi uvivile kanti vele ngihlezi ngizilolonga ngisebenza kanzima," kuqhuba uZwane obeyingxenye yeqembu leBafana bafana kulamameshi amabili asandukudlala idlala neSudan neNigeria.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho