Madrid - Umdlali weReal
Madrid uFabio Coentrao uthi kungaba yihlazo uma uzakwabo uCristiano Ronaldo enganikezwa
indondo yeBallon d'Or.
UCoentrao ukholelwa ukuthi lo mdlali wasePortugal ubedlula bonke abanye
abadlli emhlabeni njengamanje, waphinde wathi uRonaldo umfanele lo mklomelo
ngaphezulu kwabadlali beqembu laseGerman elingompetha bomhlaba.
Funda nalolu daba: Usethi khumu ebholeni owaduma kwiBucs.
URonaldo,osewunqobe kabili lo mklomelo weFIFA Ballon d'Or, wenze
ezibukwayo ngesizini edlule, njengoba asiza iqembu lakhe ukuba linqobe i-UEFA
Champions League yeshumi kanti nesizini esikuyona uyiqale kahle, kubika iKickOff.com.
Selokhu kuqale isizini uCristiano Ronaldo, 29, usevalele phakathi
amagoli angu-55 kuyona yonke imiqhudelwano, okungamagoli angaphezulu kwabanye
abadlali base-Europe.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.