Johannesburg - Ibamba likamqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Eric Tinkler, akeneme ngendlela leli qembu lakhe elidlale ngayo ngesikhathi libambana ngo-0-0 ne-University of Pretoria ngoLwesihlanu ebusuku.
IBhakabhala selihleli endaweni yesithathu kodwa umqeqeshi ukholelwa ukuthi libozile ngesiwombe sokuqala.
Funda nalolu daba: 'Walwa waze kwaba sekugcineni uShoes'
"Besingahlangene, senze izinguquko eziningi, ezinye ebeziphoqelekile kodwa zilindelekile,” kusho uTinkler ngemuva komdlalo, kubika iSoccerLaduma.
"Kubenomehluko ngesiwombe sesibili, bekungconywana, sakhe amathuba ambalwa kodwa angijabulile ngendlela esidlale ngayo nangomphumela.”
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.