Johannesburg - Umqeqeshi weNingizimu Afrika u-Ephraim Mashaba ukholelwa ukuthi iqembu lakhe lidlale kahle ngesikhathi libhekene nelaseSwazini kodwa akeneme ngegoli elibangenele eMbabane kulo mdlalo.
IBafana Bafana ishaye ngo-3-1 elaseSwazini enkundleni ebigcwele phama, iSomhlolo National Stadium, ngamagoli kaThulani Hlatshwayo, Thabo Mnyamane noMandla Masango.
Kodwa uMashaba usale edumele ngegoli elilodwa elibangenele ngemuva kokuba abadlali basemuva behlulekile ukuvimba ibhola ngesikhathi kuyikhona.