Johannesburg - UPhilani Zikalala usendleleni elibhekise KwaZulu-Natal ukuyojoyina iGolden Arrows.
Njengoba ebuyela KwaZulu-Natal, uZikalala uzobe enethemba lokuthola ijezi, abuyele efomini njenganesikhathi esadlalela AmaZulu.
Nakuba lo mdlali etshelwe ukuthi uzodedelwa yi-Orlando Pirates, umthombo olwazi kahle lolu daba utshele iSiya crew ukuthi akucaci kahle ukuthi ngabe lo mdlali uzobolekiswa yini.
Funda nalolu daba: IThanda Royals Zulu ihlabane nowachithwa yiChiefs
“UPhilani Zikalala nakanjani ubuyela KwaZulu-Natal. Silindele ukuba afike namhlanje. Umdlali kanye nemenenja yakhe bazohlangana neGolden Arrows ukudingida imigomo yesivumelwano.
“IPirates iyamdedela lo mdlali. Kodwa okwamanje akucaci kahle ukuthi ngabe iqembu limdedela mahhala yini noma liyambolekisa. Kodwa umdlali nakanjani uzohlangana noMato (Madlala) kwi-Arrows ukuzodingida lolu daba,” kusho umthombo.
IBhakabhaka lisayine uFelipe Ovono ukwengeza konozinti abakhona, okunguBrighton Mhlongo noSiyabonga Mpontshane.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.