Share

'Akuyona inkinga ukungabikhona kukaKhune'

Johannesburg - Owayengunozinti weKaizer Chiefs uBrian Baloyi ukholwa ukuthi iqembu lizokwenza kahle ngisho noma engekho u-Itumeleng Khune kowamanqamu we-MTN8 ngoMgqibelo.

IPhefeni Glamour Boys izogadulisana ne-Orlando Pirates eMoses Mabhida Stadium kulo mdlalo okulindeleke kuwo izinhlansi, kepha iChiefs izodlala ngaphandle kwesethenjwa sayo esingunozinti ngenxa yokulimala iqakala.

UBaloyi, owadlalela iChiefs phakathi kuka-1993 no-2004, uthi akangabazi ukuthi uReyaad Pieterse noBrilliant Khuzwayo bazowenza umsebenzi obahlalele.

OLUNYE UDABA: UMasilela uphebeza abathi uKhuzwayo uzodlisela iqembu

“Ngokubona kwami la bafana abancane besefunde lukhulu ku-Itu nakumqeqeshi wonozinti,” kusho uBaloyi etshela iKickOff.com.

“Sike sibone uma benikezwe ithuba lokuthi badlale ukuthi lokho bakwenza ngokukhulu ukuzimisela. Akuyona nakancane inkinga ukungabikhona kuka-Itu.

“Abanawo amava afika kwawa-Itu, kepha nabo badlala kahle ngendlela yabo.”

U‘Spiderman’ uthe ukube kuya ngaye ngabe uqoka uPieterse ukuba aqale umdlalo.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
32% - 213 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
68% - 454 votes
Vote
Rand - Dollar
19.23
-0.4%
Rand - Pound
23.93
-0.4%
Rand - Euro
20.48
-0.4%
Rand - Aus dollar
12.34
-0.3%
Rand - Yen
0.12
-0.6%
Platinum
949.60
-0.1%
Palladium
1,023.50
-0.6%
Gold
2,383.16
+0.2%
Silver
28.34
+0.4%
Brent Crude
87.11
-0.2%
Top 40
66,671
-0.8%
All Share
72,706
-0.8%
Resource 10
62,982
-0.5%
Industrial 25
97,465
-1.0%
Financial 15
15,383
-0.6%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE