Johannesburg – Ukaputeni we-Orlando
Pirates uSenzo Meyiwa usephumele obala ukuthi bazobe bezilungeselele ngokweqile
emdlalweni wabo ne-Ajax Cape Town koweTKO.
IBhakabhaka lizobhekana naleli qembu eliqeqeshwa nguRoger de Sa
obengumqeqeshi wayo phambilini ngoMgqibelo ebusuku e-Orlando Stadium.
UMeyiwa ongunozinti kuleli qembu uthe ngemuva
kokwehlulwa emdlalweni wangoLwesibili neMpumalanga Black Aces iqembu
selihlanganile lacubungula isimo kanti amabombo asebheke amam-Urban Warriors
emdlalweni womkhumulajezi.
“Kumele nakanjani siwunqobe lo mdlalo, alikho ithuba
lesibili emdlalweni wenkomishi,” etshela i-OPFC.com ngoLwesine.
OLUNYE UDABA: UMeyiwa nguye ozobamba esikakaputeni - VV
“Umdlalo okumele sikhiphe konke okusemandleni
ethu kuze siwunqobe nakuba sazi ukuthi ngeke kube lula.”
Uqhube wathi njengoba leli qembu laseKapa
lizofika nowayengumqeqeshi wabo lokhu kuzokwenza lo mdlalo ube nzima
kakhulu.
“Siyazi ukuthi umqeqeshi uDe Sa
ubesiqeqesha phambilini futhi besihlela naye imidlalo kodwa manje osengakolunye
uhlangothi kanti lokho kuzoba nzima.
Kuzomele azi ukuthi izinto sezishintshile
futhi okubi wukuthi akudlali umqeqeshi kudlala abadlali,” eqhuba.
Uphethe
ngokuqinisekisa abalandeli bamaBhakabhaka ukuthi ngeke bahlulwe ekhaya.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho