Enkulumweni yakhe neSoccer Laduma, uModisane uthe iqembu lakhe selimi ngomumo ukubhekana neTeam of Choice, kanti kukodwa okusemqondweni weBhakabhaka, ukuqoqa amaphuzu amathathu.
“Sifuna ukuqinisa indawo yethu kuTop 8. Sifuna ukuqeda sisendaweni yesine ngakho namhlanje ebusuku sifuna amaphuzu amathathu.
"Siyazi ukuthi iMaritzburg ayilona iqembu elincane ngakho kuzoba ngumdlalo onzima, kodwa okubalulekile ukuqoqa wonke amaphuzu," kusho uModisane.
“Yinto eyaziwayo ukuthi uDaine Klate ngeke adlale ngenxa yokuthi umisiwe, kodwa sinabo abadlali abafana noTlou Segolela noJoseph Molangoane abazokwazi ukuvala isikhala", kuqhuba isikhulumi sePirates.
UModisane uphethe ngokuthi athi abadlali bePirates basagcwele ukuzethemba ngokuthi bazoqeda endaweni engcono ku-PSL kanti futhi sebuyaqina ukudlelwane babo nomqeqeshi uVladimir Vermezovic.
Umdalo uzoqala ngo-19:30.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter