"Sekuphele iminyaka engu-20, iyangijabhisa indlela ekuhamba ngayo kancane izinto ekutheni kube noguquko,” esho encwadini eshicilelwe kuCape Times.
UTutu ugxeke iSA Rugby Union (Saru) ngokuhambisa izinhlelo ngonyawo lonwabu ekutheni kube noshintsho kuleli qembu lebhola lombhoxo.
Uthe le nto “ifikisela ngezinyembezi”, wathi abadlali abamnyama abanikezwa ithuba lokuzibonakalisa.
Uqhube ngokuthi kubalulekile iqembu litshengise zonke izinhlanga ezikhona kuleli.
AmaBhokobhoko azodlala ne-Argentina, eSalta, koweRugby Championship ngoMgqibelo.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter