Cape Town - Umdlali omusha weBarcelona, uLuis Suarez, angase abuyele ebholeni maphakathi no-Agasti, uma isicelo sakhe sokuguqulwa kwesigwebo siphumelela, kubike iKickOff.com ngoLwesihlanu.
Lo mdlali wase-Uruguay, owamiswa ebholeni izinyanga ezine ngemuva kokuluma umdlali waseNtaliyane uGiorgio Chiellini kweyeNdebe yoMhlaba, iFifa yasichitha isicelo sakhe sokuba ehliselwe isigwebo.
Kodwa lo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala usezovela phambi kwenkantolo yezemidlalo emhlabeni, iCourt of Arbitration for Sport (CAS), ngomhlaka-8 Agasti njengoba iqembu lakhe elisha lifuna ehliselwe isigwebo ukuze azosheshe abonakale kulona.
USuarez uzovela ngaphambi kwe-CAS ekomkhulu layo eLausanne, eSwitzerland, kanti isinqumo kulindeleke ukuba sikhishwe ngemuva kwezinsukwana kulalelwe udaba lwakhe.
Uma izinto zihamba njengokufisa kwakhe, angase abuyele ebholeni emasontweni amabili ezayo, aphinde akwazi ukudlala emdlalweni wokuqala weBarcelona kule sizini, ozoba ngo-Agasti 24.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.